1 kwabaseKorinte 15:12-34

1 kwabaseKorinte 15:12-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kepha uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvukile kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na? Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, noKristu akavuswanga; Uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga bakaNkulunkulu; ngoba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga, uba kambe abafileyo bengavuki. Ngokuba uma abafileyo bengavuki, noKristu akavuswanga; Uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu kuyize; nisesezonweni zenu. Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile. Uma sithembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudabuka kunabantu bonke. Kodwa kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, elulibo lwabaleleyo. Ngoba njengoba ukufa kweza ngomuntu, langomuntu ukuvuka kwabafileyo kweza. Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo kuKristu bonke bayakuphiliswa. Kodwa ngulowo lalowo esigabeni sakhe: UKristu ulibo; ngasemuva abangabakaKristu ekufikeni kwakhe. Khona-ke kufika ukuphela, lapho eyakunikela umbuso kuNkulunkulu uYise; lapho esechithile konke ukubusa labo bonke ubukhosi lamandla. Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa; Ngokuba izinto zonke uzibekile phansi kwezinyawo zakhe. Kepha nxa ethi zonke izinto zithotshiswe phansi kwakhe, kusobala ukuthi ungaphandle yena owabeka zonke izinto phansi kwakhe. Nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, khona nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owabeka zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke. Uma kungenjalo, bayakwenzani ababhapathizwa ngenxa yabafileyo, uma abafileyo bengavuki na? babhabhathizelwani abafileyo na? Futhi kungani sizifaka engozini ihora ngalinye? Ngifa imihla ngemihla ngokuzibonga enginakho kuKristu Jesu iNkosi yethu. Uma ngokwabantu ngalwa nezilo e-Efesu, ngiyakungisizani, uma abafileyo bengavuki na? masidle, siphuze; ngoba kusasa sizakufa. Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle. Phaphamani ekulungeni, ningoni; ngoba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngikhuluma lokhu ukuze libe lenhloni.

1 kwabaseKorinte 15:12-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kepha-ke uma kushunyayelwa ukuthi uKhristu uvusiwe kwabafileyo, bakusho kanjani pho abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na? Uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, noKhristu akavuswanga. Uma uKhristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba sifakaze ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKhristu, angamvusanga uma kanti abafileyo bengavuswa. Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga noKhristu. Kepha uma uKhristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. Yebo, nalabo asebalala bekuKhristu babhubhile. Uma sithembela kuKhristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudatshukelwa kunabantu bonke. Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo. Ngokuba lokhu, ukufa kweza ngomuntu, nokuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa. Kepha yilowo nalowo ngokwesigaba sakhe: uKhristu kuqala, bese kuba ngabakaKhristu ekubuyeni kwakhe, andukuba kufike umhla wokuphela, lapho ebuyisela umbuso kuNkulunkulu uYise, esechithile bonke ababusi, bonke abasemagunyeni, nabanamandla. Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe. Isitha sokugcina esiyakubhujiswa ngukufa. Ngokuba zonke izinto zithotshisiwe zaba phansi kwezinyawo zakhe. Nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe phansi kwakhe,” kusobala ukuthi yena ozithobisileyo zonke izinto, akahlangene nazo. Kepha lapho zonke izinto sezithotshiselwe phansi kwakhe, nayo-ke iNdodana uqobo lwayo iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke, kukho konke. Pho bayokwenzenjani labo ababhabhadiselwa abafileyo na? Uma impela abafileyo bengavuswa, babhabhadiselwani ngenxa yabo na? Thina-ke sizibekelani engcupheni umzuzu nomzuzu na? Bazalwane, ngiyaqinisa ukuthi mina ngifa imihla ngemihla ngenxa yokubongwa enginakho ngani kuKhristu uJesu iNkosi yethu. Uma njengomuntu ngalwa nezilo e-Efesu, pho nginanzuzoni ngalokho na? Uma abafileyo bengavuswa, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa. Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle. Phaphamani, niziphathe kahle, yekani ukona, ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni.

1 kwabaseKorinte 15:12-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na? Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu. Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa. Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga naye uKristu. Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile. Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke. Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo. Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa. Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe: uKristu kuqala, bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe, andukuba kufike ukuphela, nxa enikela umbuso kuNkulunkulu uYise, lapho esechithile ukubusa konke, nobukhosi bonke, namandla. Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa. Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe. Kepha nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe,” kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe. Kodwa nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, lapho-ke nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke. Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na? Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na? Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke. Uma ngalwa nezilo e-Efesu ngokwabantu, nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa. Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle. Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.

1 kwabaseKorinte 15:12-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)