1 KwabaseKhorinte 14:1-25

1 KwabaseKhorinte 14:1-25 ZUL20

Phokophelani uthando, futhi nilangazelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niphrofethe. Okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kodwa ukhuluma kuNkulunkulu, ngokuba akekho ozwayo, kepha ekumoya ukhuluma izimfihlakalo. Kepha ophrofethayo ukhuluma kubantu ukuba bakheke, bagqugquzeleke, baduduzeke. Kanti lowo okhuluma ngezilimi uzakha yena, kodwa ophrofethayo wakha ibandla. Ngifisa ukuba nonke nikhulume ngezilimi, kodwa ngifisa kakhulu ukuba niphrofethe. Mkhulu ophrofethayo kunokhuluma ngezilimi, ngaphandle kokuba azihumushe ukuze kwakheke ibandla. Manje-ke, bazalwane, uma ngifika kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyonisiza ngani, ngaphandle kokuba ngikhulume kini ngesambulo, noma ngolwazi noma ngokuphrofetha noma ngokufundisa na? Ngisho nezinto ezingenamphefumulo ezikhaliswayo kungaba igenkle noma ihabhu, kungezwakala kanjani ukuthi leli yigenkle noma yihabhu uma kungakhali ngokwehlukana kwakho na? Ngokuba uma icilongo likhala ngomsindo ongaqondakaliyo, ngubani ozakuzilungisela impi na? Kanjalo-ke nani uma nikhuluma ngezilimi umbiko ongacacile, ngubani oyokwazi ukuthi kuthiwani na? Ngokuba niyakuba nikhuluma emoyeni. Kungaba khona izinhlobo eziningi zezilimi emhlabeni, kodwa alukho nalunye olungasho okuthile. Ngakho-ke uma ngingakuqondi okukhulunywayo, ngifana nowezizwe kokhulumayo, naye ufana nowezizwe kimi. Ngokunjalo nani, njengalokhu nishisekela iziphiwo zomoya, phokophelani-ke ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla. Ngakho-ke lowo okhuluma ngezilimi, makakhulekele ukuba akwazi ukuzihumusha. Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kodwa ingqondo yami ayenzi lutho. Pho kumele ngenzenjani na? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke futhi nangengqondo; ngizakuhuba ngomoya, ngihube futhi nangengqondo. Uma ngingenzi kanjalo lowo ongazi lutho uyosho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na? Lokhu akazi ukuthi uthini. Wena kungenzeka ukuba ubonga kahle, kodwa lowo omunye akakheki. Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke. Kepha ebandleni ngithanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngibafundise abanye, kunokuba ngikhulume amazwi ayizi-10 000 ngezilimi. Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo. Emthethweni kulotshiwe ukuthi: “Ngezinye izilimi, nangezindebe zabanye, ngiyakukhuluma kulesi sizwe; kodwa noma kunjalo asiyukungizwa,” kusho iNkosi. Kunjalo-ke, izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo, hhayi kwabakholwayo. Kepha ukuphrofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo, hhayi kwabangakholwayo. Ngakho-ke uma ibandla lihlangene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangenalwazi noma abangakholwa, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na? Kodwa uma bonke bephrofetha, bese kungena ongakholwa noma ongenalwazi, uyakusolwa yibo bonke, bamahlulele bonke; kuthi izimfihlo zenhliziyo yakhe zidalulwe, lowo uyakukhothama athi mbo ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, avume ukuthi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”