1 kwabaseKorinte 14:1-25

1 kwabaseKorinte 14:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Phokophelani uthando, futhi nilangazelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niphrofethe. Okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kodwa ukhuluma kuNkulunkulu, ngokuba akekho ozwayo, kepha ekumoya ukhuluma izimfihlakalo. Kepha ophrofethayo ukhuluma kubantu ukuba bakheke, bagqugquzeleke, baduduzeke. Kanti lowo okhuluma ngezilimi uzakha yena, kodwa ophrofethayo wakha ibandla. Ngifisa ukuba nonke nikhulume ngezilimi, kodwa ngifisa kakhulu ukuba niphrofethe. Mkhulu ophrofethayo kunokhuluma ngezilimi, ngaphandle kokuba azihumushe ukuze kwakheke ibandla. Manje-ke, bazalwane, uma ngifika kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyonisiza ngani, ngaphandle kokuba ngikhulume kini ngesambulo, noma ngolwazi noma ngokuphrofetha noma ngokufundisa na? Ngisho nezinto ezingenamphefumulo ezikhaliswayo kungaba igenkle noma ihabhu, kungezwakala kanjani ukuthi leli yigenkle noma yihabhu uma kungakhali ngokwehlukana kwakho na? Ngokuba uma icilongo likhala ngomsindo ongaqondakaliyo, ngubani ozakuzilungisela impi na? Kanjalo-ke nani uma nikhuluma ngezilimi umbiko ongacacile, ngubani oyokwazi ukuthi kuthiwani na? Ngokuba niyakuba nikhuluma emoyeni. Kungaba khona izinhlobo eziningi zezilimi emhlabeni, kodwa alukho nalunye olungasho okuthile. Ngakho-ke uma ngingakuqondi okukhulunywayo, ngifana nowezizwe kokhulumayo, naye ufana nowezizwe kimi. Ngokunjalo nani, njengalokhu nishisekela iziphiwo zomoya, phokophelani-ke ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla. Ngakho-ke lowo okhuluma ngezilimi, makakhulekele ukuba akwazi ukuzihumusha. Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kodwa ingqondo yami ayenzi lutho. Pho kumele ngenzenjani na? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke futhi nangengqondo; ngizakuhuba ngomoya, ngihube futhi nangengqondo. Uma ngingenzi kanjalo lowo ongazi lutho uyosho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na? Lokhu akazi ukuthi uthini. Wena kungenzeka ukuba ubonga kahle, kodwa lowo omunye akakheki. Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke. Kepha ebandleni ngithanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngibafundise abanye, kunokuba ngikhulume amazwi ayizi-10 000 ngezilimi. Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo. Emthethweni kulotshiwe ukuthi: “Ngezinye izilimi, nangezindebe zabanye, ngiyakukhuluma kulesi sizwe; kodwa noma kunjalo asiyukungizwa,” kusho iNkosi. Kunjalo-ke, izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo, hhayi kwabakholwayo. Kepha ukuphrofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo, hhayi kwabangakholwayo. Ngakho-ke uma ibandla lihlangene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangenalwazi noma abangakholwa, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na? Kodwa uma bonke bephrofetha, bese kungena ongakholwa noma ongenalwazi, uyakusolwa yibo bonke, bamahlulele bonke; kuthi izimfihlo zenhliziyo yakhe zidalulwe, lowo uyakukhothama athi mbo ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, avume ukuthi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”

1 kwabaseKorinte 14:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Landelani uthando, nithande iziphiwo zomoya, kodwa kakhulu ukuba niprofethe. Ngokuba okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kodwa kuNkulunkulu; kodwa ngomoya ukhuluma izimfihlakalo. Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokuyala, nokududuza. Okhuluma ngezilimi uyazakha yena; kodwa oprofethayo wakha ibandla. Ngiyathanda ukuba nonke nikhulume ngezilimi, kodwa kakhulu ukuba niprofethe, ngokuba oprofethayo mkhulu kunalowo okhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke. Manje, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambulelwa, noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngesifundiso na? Nezinto ezingenakuphila ezikhalayo, noma umtshingo noma ihabhu, uma zingahlukanisi ukukhala, kuyokwaziwa kanjani okubethwayo noma okubethwa ngehabhu na? Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani ongazilungisela ukulwa na? Kanjalo nani, uma ningakhulumi ngolimi amazwi aqondakalayo, kuyokwaziwa kanjani okukhulunywayo na? ngoba lizakhulumela emoyeni. Kukhona, noma kungenzeka, imihlobo eminingi kangaka yokukhuluma emhlabeni, futhi akukho neyodwa kuzo engasho lutho. Ngakho uma ngingazi incazelo yezwi, ngiyoba ngowezizwe kokhulumayo, nokhulumayo uyakuba ngowezizweni kimi. Kanjalo nani, lokhu nishisekela iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nabengeziwe, kwakhiwe ibandla. Ngakho-ke okhuluma ngezilimi makakhulekele ukuba ahumushe. Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kepha ingqondo yami ayinasithelo. Kuyini pho? ngiyakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi, ngihube ngomoya, ngihube nangengqondo futhi. Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo ohlezi endaweni yongafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho, lokhu engakwazi okushoyo na? Ngokuba nempela wena ubonga kahle, kepha omunye akakhiwa. Ngiyambonga uNkulunkulu wami, ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke; Kodwa ebandleni kungcono ngikhulume amazwi amahlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise labanye, kulokukhuluma amazwi azinkulungwane ezilitshumi ngendimi. Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda. Kulotshiwe emthethweni ukuthi: “Ngabezinye izilimi nangezinye izindebe ngiyakukhuluma kulababantu; kepha nokho konke lokho abayikungizwa, isho iNkosi. Ngakho-ke izilimi ziyisibonakaliso kwabakholwayo, kungesikho kwabakholwayo, kepha ukuprofetha akusikho okwabangakholwayo kodwa okwabakholwayo. Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bakhulume bonke ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na? Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uyovunywa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke; ngokunjalo izimfihlo zenhliziyo yakhe zibonakaliswa; kanjalo uyakuwa ngobuso bakhe, akhuleke kuNkulunkulu, asho ukuthi uNkulunkulu phakathi kwenu ngeqiniso.

1 kwabaseKorinte 14:1-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

1 kwabaseKorinte 14:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Jongani uthando, futhi nizondelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niprofethe. Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya. Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokududuza, nokuqunga isibindi. Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla. Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke, kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke. Manje-ke, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambula, noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngokufundisa na? Nezinto ezingenamphefumulo ezikhalayo, noma igenkle noma ihabhu*, uma zingakhali ngokwahlukeneyo, kuzakwaziwa kanjani okubethwa ngegenkle nangehabhu na? Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani oyakuzilungiselela ukulwa na? Kanjalo nani, uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi, kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni. Kukhona izinhlobo noma zingahle zibe zingaki zokukhuluma ezweni, kepha alukho olungasho okuthile. Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi. Ngokunjalo nani, lokhu nishisekele iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla. Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe. Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kepha ingqondo yami ayinasithelo. Kunjani pho? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi; ngizakuhuba ngomoya, ngihube nangengqondo futhi. Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na, lokhu engakwazi okushoyo? Ngokuba nempela ubonga kahle wena, kepha lowo omunye akakhiwa. Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke; kodwa ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise abanye, kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi. Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo. Emthethweni kulotshiwe ukuthi: “Ngabantu bezinye izilimi, nangezindebe zabezinye izizwe ngiyakukhuluma kulesi sizwe; kepha noma kunjalo abayikungizwa,” kusho iNkosi. Njalo-ke izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo, kungesikho kwabakholwayo; kepha ukuprofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo, kungesikho kwabangakholwayo. Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukuthi niyahlanya na? Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uzakuhlatshwa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke; okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”