1 KwabaseKhorinte 11:27-32

1 KwabaseKhorinte 11:27-32 ZUL20

Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa aphuze indebe yeNkosi engafanele, unecala kuwo umzimba negazi leNkosi. Kepha umuntu makazihlole yena, bese edla lesi sinkwa, aphuze le ndebe. Ngokuba odla aphuze, uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi. Ngenxa yalokho, abaningi phakathi kwenu babuthakathaka, bayagula; nabaningi sebafa. Kepha uma sizehlulela thina, ngeke sehlulelwe. Kepha ngokwehlulelwa yiNkosi, siyayalwa ukuze singalahlwa kanye nezwe.