1 kwabaseKorinte 11:27-32

1 kwabaseKorinte 11:27-32 ZUL59

Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi. Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha. Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi. Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele. Kepha uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa. Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.