1 KwabaseKhorinte 11:17-34

1 KwabaseKhorinte 11:17-34 ZUL20

Kepha kulezi ziyalo ezilandelayo anginincomi, ngokuba uma nihlangana anihlanganeli okuhle, kepha okubi. Ngokuba okokuqala, uma nihlangana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwehlukana phakathi kwenu; lokho nganxanye ngiyakukholwa. Empeleni kufanele ukuba kube khona amaqembu phakathi kwenu, ukuze abaqotho bavele obala. Ngakho-ke uma nihlangana ndawonye akusikho ukuba nidle isidlo seNkosi, ngokuba lapho sekudliwa, yilowo nalowo uphuthuma okwakhe ukudla kuqala, adle, omunye alambe, kuthi omunye adakwe. Kepha aninazindlu yini lapho ningadlela niphuzele khona na? Ngabe niyaledelela yini ibandla likaNkulunkulu; nenza abangenalutho babe namahloni na? Ngizakuthini kini? Nginincome na? Anginincomi ngalokho. Ngokuba ngakwamukela eNkosini lokho engakwedlulisela kini, ukuthi: iNkosi uJesu, ngobusuku eyakhashelwa ngabo yathabatha isinkwa, yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.” Kanjalo, yathabatha nendebe emuva kokudla kwakusihlwa, yathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami; kwenzeni lokhu ngezikhathi zonke eniphuza ngazo, ukuba ningikhumbule.” Ngokuba ngaso sonke isikhathi lapho nidla lesi sinkwa, niphuza le ndebe nimemezela ukufa kweNkosi ize ibuye. Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa aphuze indebe yeNkosi engafanele, unecala kuwo umzimba negazi leNkosi. Kepha umuntu makazihlole yena, bese edla lesi sinkwa, aphuze le ndebe. Ngokuba odla aphuze, uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi. Ngenxa yalokho, abaningi phakathi kwenu babuthakathaka, bayagula; nabaningi sebafa. Kepha uma sizehlulela thina, ngeke sehlulelwe. Kepha ngokwehlulelwa yiNkosi, siyayalwa ukuze singalahlwa kanye nezwe. Ngakho-ke bazalwane bami, uma nibuthana ukuba nidle, anolindana. Uma omunye elambile, makadle ekhaya ukuze ningabuthaneli ukulahlwa. Okunye-ke okuseleyo, sengiyokulungisa mhla ngifika lapho.