1 kwabaseKorinte 11:17-34

1 kwabaseKorinte 11:17-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha nxa ngiyala ngalokho, anginibongi ukuthi nibuthana kungekukho okuhle kepha kukho okubi. Ngokuba okokuqala, nxa nibuthana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; nganxanye ngiyakholwa yikho. Ngokuba kumelwe kube khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale. Ngakho-ke nxa nibuthana ndawonye, akusikho ukudla isidlo seNkosi lokho; ngokuba ekudleni kwenu yilowo nalowo uthatha okwakhe ukudla ngaphambili, omunye alambe, omunye adakwe. Kanti aninazindlu yini zokudlela nokuphuzela na? Kumbe niyalidelela yini ibandla likaNkulunkulu, nijabhise abangenanto na? Ngizakuthini kini na? Nginibonge na? Anginibongi ngalokho. Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.” Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.” Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa niphuza lesi sitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike. Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi. Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha. Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi. Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele. Kepha uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa. Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe. Ngakho-ke, bazalwane bami, nxa nibuthana ukuba nidle, anolindana. Uma omunye elambile, akadle ekhaya ukuba ningabuthaneli ukulahlwa. Kepha okuseleyo ngokulungisa mhla ngifikayo.

1 kwabaseKorinte 11:17-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kepha kulokhu enginitshela khona anginibongi ngokuba nibuthana kungekukho okuhle kepha kukho okubi kakhulu. Ngokuba okokuqala, nxa nibuthana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; futhi ngiyakukholwa ngokwengxenye. Ngoba kumele kube khona ukuhlukana phakathi kwenu, ukuze abathembekileyo babonakale phakathi kwenu. Ngakho nxa nibuthana endaweni eyodwa, lokhu akusikho ukudla isidlo seNkosi; Ngokuba ekudleni yilowo nalowo uphatha owakhe isidlo kuqala, omunye ulambile, omunye udakiwe. Yini? Aninazo yini izindlu zokudlela nokuphuzela na? Kumbe nidelela ibandla likaNkulunkulu, nijabhise abangenalutho na? Ngizothini kuwe? ngikudumise kulokhu na? angikubongi. Ngoba mina ngemukele eNkosini, lokho lami enganinika khona, ukuthi iNkosi uJesu ngalobobusuku eyanikelwa ngabo yathatha isinkwa; Esebongile, wasihlephula, wathi: “Thabathani, nidle, lokhu kungumzimba wami owahleshelwa nina; Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami; Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa, niphuza lesisitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike. Ngakho-ke odla lesi sinkwa, anathe lesisitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi. Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle leso sinkwa, aphuze lesisitsha. Ngokuba odlayo anathe ngokungafanele, uzidlela aziphuzele ukulahlwa, engawahlukanisi umzimba weNkosi. Ngenxa yalokhu baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningi balele. Ngokuba uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa. Kodwa nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye lelizwe. Ngakho-ke, bazalwane bami, nxa nibuthana ukuba nidle, lindanani. Uma umuntu elambile, akadle ekhaya; ukuze lingabuthani ekulahlweni. Okuseleyo ngizakulungisa nxa ngifika.

1 kwabaseKorinte 11:17-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kepha kulezi ziyalo ezilandelayo anginincomi, ngokuba uma nihlangana anihlanganeli okuhle, kepha okubi. Ngokuba okokuqala, uma nihlangana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwehlukana phakathi kwenu; lokho nganxanye ngiyakukholwa. Empeleni kufanele ukuba kube khona amaqembu phakathi kwenu, ukuze abaqotho bavele obala. Ngakho-ke uma nihlangana ndawonye akusikho ukuba nidle isidlo seNkosi, ngokuba lapho sekudliwa, yilowo nalowo uphuthuma okwakhe ukudla kuqala, adle, omunye alambe, kuthi omunye adakwe. Kepha aninazindlu yini lapho ningadlela niphuzele khona na? Ngabe niyaledelela yini ibandla likaNkulunkulu; nenza abangenalutho babe namahloni na? Ngizakuthini kini? Nginincome na? Anginincomi ngalokho. Ngokuba ngakwamukela eNkosini lokho engakwedlulisela kini, ukuthi: iNkosi uJesu, ngobusuku eyakhashelwa ngabo yathabatha isinkwa, yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.” Kanjalo, yathabatha nendebe emuva kokudla kwakusihlwa, yathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami; kwenzeni lokhu ngezikhathi zonke eniphuza ngazo, ukuba ningikhumbule.” Ngokuba ngaso sonke isikhathi lapho nidla lesi sinkwa, niphuza le ndebe nimemezela ukufa kweNkosi ize ibuye. Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa aphuze indebe yeNkosi engafanele, unecala kuwo umzimba negazi leNkosi. Kepha umuntu makazihlole yena, bese edla lesi sinkwa, aphuze le ndebe. Ngokuba odla aphuze, uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi. Ngenxa yalokho, abaningi phakathi kwenu babuthakathaka, bayagula; nabaningi sebafa. Kepha uma sizehlulela thina, ngeke sehlulelwe. Kepha ngokwehlulelwa yiNkosi, siyayalwa ukuze singalahlwa kanye nezwe. Ngakho-ke bazalwane bami, uma nibuthana ukuba nidle, anolindana. Uma omunye elambile, makadle ekhaya ukuze ningabuthaneli ukulahlwa. Okunye-ke okuseleyo, sengiyokulungisa mhla ngifika lapho.

1 kwabaseKorinte 11:17-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)