Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula olwandle, bonke babhabhadiswa kuMose efini nasolwandle. Bonke badla ukudla okufanayo komoya, baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu. Kepha uNkulunkulu akathokozanga ngeningi labo, ngakho-ke izidumbu zabo zasakazwa ehlane. Lezo zinto zenzeka ukuze zibe yisibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengokuba bona bakufisa. Ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye babo, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; basukuma, basina.” Masingafebi njengokuba abanye babo bafeba, bafa ngalusuku lunye abayizi-23 000. Masingamlingi uKhristu njengokuba abanye babo bamlinga, babhujiswa yizinyoka. Maningakhonondi njengokuba abanye babo bakhononda, babhujiswa ngumbhubhisi. Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina. Ngakho-ke lowo othi umile, makaqaphele ukuba angawi. Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.
Funda 1 KwabaseKhorinte 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KwabaseKhorinte 10:1-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo