Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle; bonke baphapathizwa kuMose efwini naselwandle; bonke badla kudla kunye komoya; bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu. Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane. Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa. Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.” Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu. Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka. Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali. Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi. Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi. Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
Funda 1 kwabaseKorinte 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseKorinte 10:1-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo