1 KwabaseKhorinte 1:18-25

1 KwabaseKhorinte 1:18-25 ZUL20

Ngokuba izwi lesiphambano lingubuwula kwababhubhayo, kodwa kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu. Phela kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuqeda nya ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, ngikwenze ize ukuqonda kwabanokuqonda.” Siphelelephi isazi na? Sikuphi isazimthetho na? Uphi oqophisana ngamazwi wakulesi sikhathi na? UNkulunkulu akakwenzanga yini kwaba wubuwula ukuhlakanipha kwakuleli lizwe na? Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo. Ngokuba abaJuda bafuna izibonakaliso, kuthi amaGriki afune ukuhlakanipha. Kodwa thina sishumayela uKhristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda nobuwula kwabezizwe. Kepha kulabo ababiziweyo, abaJuda namaGriki sishumayela uKhristu, ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunobabantu, nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunobabantu.