igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani pho othokozela namuhla ukuzehlukanisela uSimakade na?”
Zase zinikela izikhulu zawoyise, abaholi bezizwana zakwa-Israyeli, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu nezinduna zomsebenzi wenkosi. Banikelela umsebenzi wendlu kaNkulunkulu ngalokhu: amathalenta egolide ayizi-5 000, amadarike ayizi-10 000, amathalenta esiliva ayizi-10 000, amathalenta ethusi ayizi-18 000, namathalenta ensimbi ayizi-100 000. Ababenamatshe bawanikela engcebeni yendlu kaSimakade, phansi kwesandla sikaJehiyeli, umGereshoni. Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuSimakade; naye uDavide, inkosi, wajabula ngokujabula okukhulu.
UDavide wayesemdumisa uSimakade phambi kwebandla lonke, wathi: “Mawubongwe Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, ubaba, kuze kube phakade. Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, Wena uyabusa phezu kwakho konke. Esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo.