1 iziKronike 29:5-13

1 iziKronike 29:5-13 ZUL59

igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva, yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani, pho, othokozela namuhla ukuzahlukanisela uJehova na?” Zase zinikela ngenhliziyo izikhulu zawoyise, nezikhulu zezizwe zakwa-Israyeli, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu kanye nezinduna zomsebenzi wenkosi; zanikela enkonzweni yendlu kaNkulunkulu amatalenta* ayizinkulungwane eziyisihlanu egolide, namadarike* ayizinkulungwane eziyishumi, namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva, namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili ethusi, namatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu ensimbi. Ababe namatshe bawanikela engcebeni yendlu kaJehova phansi kwesandla sikaJehiyeli umGereshoni. Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova; naye uDavide inkosi wajabula ngokujabula okukhulu. UDavide wayesebonga uJehova phambi kwebandla lonke; uDavide wathi: “Mawubongwe wena Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli ubaba kuze kube phakade. Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo.