1 IZikhronike 29:10-20

1 IZikhronike 29:10-20 ZUL20

UDavide wayesemdumisa uSimakade phambi kwebandla lonke, wathi: “Mawubongwe Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, ubaba, kuze kube phakade. Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, Wena uyabusa phezu kwakho konke. Esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo. “Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho. Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho. Simakade Nkulunkulu wethu, zonke lezi zinto esizilungisele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu, zivela esandleni sakho, zonke zingezakho. Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza. Simakade, Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, okhokho bethu, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondise inhliziyo yabo kuwe, unike uSolomoni, indodana yami, inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, ubufakazi bakho, izimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungisileyo.” UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uSimakade uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, lakhothama, lakhuleka kuSimakade nasenkosini.