1 iziKronike 29:10-20

1 iziKronike 29:10-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UDavide wayesemdumisa uSimakade phambi kwebandla lonke, wathi: “Mawubongwe Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, ubaba, kuze kube phakade. Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, Wena uyabusa phezu kwakho konke. Esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo. “Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho. Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho. Simakade Nkulunkulu wethu, zonke lezi zinto esizilungisele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu, zivela esandleni sakho, zonke zingezakho. Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza. Simakade, Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, okhokho bethu, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondise inhliziyo yabo kuwe, unike uSolomoni, indodana yami, inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, ubufakazi bakho, izimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungisileyo.” UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uSimakade uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, lakhothama, lakhuleka kuSimakade nasenkosini.

1 iziKronike 29:10-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UDavide wayesebonga uJehova phambi kwebandla lonke; uDavide wathi: “Mawubongwe wena Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli ubaba kuze kube phakade. Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo. “Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena. Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho. Jehova Nkulunkulu wethu, zonke lezi zinto esizilungisele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu zivela esandleni sakho, zonke zingezakho. Ngiyazi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza. Jehova, Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, obaba, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondisele inhliziyo yabo kuwe, unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungiseleyo.” UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uJehova uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, lakhothama, lakhuleka kuJehova nasenkosini.

1 iziKronike 29:10-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngakho uDavida wambonga uJehova phambi kwebandla lonke, uDavida wasesithi: Kawubusiswe wena Jehova Nkulunkulu kababa wethu uIsrayeli kuze kube nininini. Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nenkazimulo, nokunqoba, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; umbuso ungowakho, Jehova, futhi uphakeme uyinhloko phezu kwakho konke. Ingcebo nodumo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; futhi esandleni sakho kukhona amandla namandla; futhi esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika amandla kubo bonke. Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo. “Kodwa ngingubani mina, futhi bayini abantu bami, ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka? ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela kokwaKho sikunike wena. Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, akakho osalayo. O Jehova Nkulunkulu wethu, wonke lo mgodo esiwulungiselele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu, uvela esandleni sakho futhi ungezakho. Ngiyazi futhi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo futhi ujabulela ubuqotho. Mina-ke, ngobuqotho benhliziyo yami nganikela ngokuzithandela zonke lezi zinto; manje ngibonile ngokuthokoza abantu bakho abakhona lapha, bevuma ukuhlabela kuwe. Jehova, Nkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, obaba bethu, kulondoloze kuze kube phakade emicabangweni yemicabango yenhliziyo yabantu bakho, ulungisele wena izinhliziyo zabo. Unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukugcina imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, yenze zonke lezi zinto, akhe indlu yobukhosi engiyilungisile. UDavida wasesithi kulo lonke ibandla: Khathesi dumisani uJehova uNkulunkulu wenu. Ibandla lonke lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhothama, bakhuleka kuJehova nasenkosini.

1 iziKronike 29:10-20

1 iziKronike 29:10-20 ZUL591 iziKronike 29:10-20 ZUL59