1 IZikhronike 21:18-27

1 IZikhronike 21:18-27 ZUL20

Ingelosi kaSimakade yamyala uGadi ukuba ayotshela uDavide ukuthi makakhuphuke, amisele uSimakade i-althare esibuyeni sika-Orinani, umJebusi. UDavide wakhuphuka njengalokhu eshilo uGadi ekhuluma egameni likaSimakade. U-Orinani waphenduka wayibona ingelosi; amadodana akhe amane acasha, u-Orinani wayebhula ukolo. UDavide wafika ku-Orinani, u-Orinani wabheka, wabona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothama kuDavide, ubuso bakhe bubheke phansi. UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike le ndawo eyisibuya ukuba ngakhele kuyo uSimakade i-althare; ngizoyikhokhela imali epheleleyo ukuze lolu bhubhane lunqamuke kubantu.” U-Orinani wathi kuDavide: “Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze lokho okuhle emehlweni ayo. Bheka, ngiyakukunika izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, izibhulo zibe yizinkuni, nokolo ube ngumnikelo wokusanhlamvu; ngikunika konke lokho.” Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukukhokhela konke imali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uSimakade okungokwakho, noma nginikele umnikelo wokushiswa ongabizanga lutho.” UDavide wamkhokhela u-Orinani ngaleyo ndawo amashekeli egolide angama-600 ngokwesisindo. UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wakhuleka kuSimakade. USimakade esezulwini waphendula ngomlilo e-althare leminikelo wokushiswa. USimakade wakhuluma engelosini; yayisiyibuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.