1 iziKronike 21:18-27
1 iziKronike 21:18-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ingelosi kaJehova yamyala uGadi ukusho kuDavide ukuba uDavide enyuke, amisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Orinani umJebusi. UDavide wenyuka ngezwi likaGadi alikhulumayo egameni likaJehova. U-Orinani waphenduka, wayibona ingelosi; amadodana akhe amane ayenaye acasha. U-Orinani wayebhula ukolweni. UDavide esefika ku-Orinani, u-Orinani wabuka, wambona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi. UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.” U-Orinani wathi kuDavide: “Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze okuhle emehlweni ayo; bheka, ngiyakupha izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, nezibhulo zibe yizinkuni, nokolweni abe ngumnikelo wempuphu; ngikunika konke.” Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho, nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.” UDavide wayesemnika u-Orinani ngendawo amashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide ngesisindo. UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa. UJehova wayiyala ingelosi; yabuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.
1 iziKronike 21:18-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ingelosi kaSimakade yamyala uGadi ukuba ayotshela uDavide ukuthi makakhuphuke, amisele uSimakade i-althare esibuyeni sika-Orinani, umJebusi. UDavide wakhuphuka njengalokhu eshilo uGadi ekhuluma egameni likaSimakade. U-Orinani waphenduka wayibona ingelosi; amadodana akhe amane acasha, u-Orinani wayebhula ukolo. UDavide wafika ku-Orinani, u-Orinani wabheka, wabona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothama kuDavide, ubuso bakhe bubheke phansi. UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike le ndawo eyisibuya ukuba ngakhele kuyo uSimakade i-althare; ngizoyikhokhela imali epheleleyo ukuze lolu bhubhane lunqamuke kubantu.” U-Orinani wathi kuDavide: “Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze lokho okuhle emehlweni ayo. Bheka, ngiyakukunika izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, izibhulo zibe yizinkuni, nokolo ube ngumnikelo wokusanhlamvu; ngikunika konke lokho.” Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukukhokhela konke imali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uSimakade okungokwakho, noma nginikele umnikelo wokushiswa ongabizanga lutho.” UDavide wamkhokhela u-Orinani ngaleyo ndawo amashekeli egolide angama-600 ngokwesisindo. UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wakhuleka kuSimakade. USimakade esezulwini waphendula ngomlilo e-althare leminikelo wokushiswa. USimakade wakhuluma engelosini; yayisiyibuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.
1 iziKronike 21:18-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ingelosi kaJehova yamyala uGadi ukusho kuDavide ukuba uDavide enyuke, amisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Orinani umJebusi. UDavide wenyuka ngezwi likaGadi alikhulumayo egameni likaJehova. U-Orinani waphenduka, wayibona ingelosi; amadodana akhe amane ayenaye acasha. U-Orinani wayebhula ukolweni. UDavide esefika ku-Orinani, u-Orinani wabuka, wambona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi. UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.” U-Orinani wathi kuDavide: “Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze okuhle emehlweni ayo; bheka, ngiyakupha izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, nezibhulo zibe yizinkuni, nokolweni abe ngumnikelo wempuphu; ngikunika konke.” Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho, nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.” UDavide wayesemnika u-Orinani ngendawo amashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide ngesisindo. UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa. UJehova wayiyala ingelosi; yabuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.
1 iziKronike 21:18-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Khona-ke ingelosi kaJehova yayala uGadi ukuba atshele uDavide ukuba uDavide akhuphuke ayokwakhela uJehova i-altare esibuyeni sika-Orinani umJebusi. UDavide wenyuka njengezwi likaGadi alikhuluma egameni likaJehova. U-Orinani waphenduka wayibona ingelosi; amadodana akhe amane ayenaye acasha. U-Orinani wayebhula ukolweni. Lapho uDavide efika ku-Orinani, u-Orinani wabheka futhi wambona uDavide, waphuma esibuyeni wakhothama phambi kukaDavide ubuso bakhe bubheke phansi. UDavide wayesethi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare phezu kwayo; kumelwe unginike yona ngenani eliphelele, ukuze inhlupho yabantu ivinjwe. U-Orinani wayesethi kuDavide: “Zithathele, inkosi yami, inkosi, yenze okuhle emehlweni ayo; bhekani, ngininika izinkomo zomnikelo wokushiswa, nezibhulo zibe yizinkuni, nokolweni womnikelo wempuphu; Nginikela ngakho konke. Khona-ke inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha! kodwa ngokuqinisekile ngizokuthenga ngenani eliphelele, ngoba ngeke ngithathele uJehova okungokwakho, futhi angiyikunikela ngeminikelo yokushiswa ngaphandle kwezindleko. UDavide wamnika u-Orinani amashekeli angamakhulu ayisithupha egolide ngesisindo saleyo ndawo. UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa neyokubonga, wakhuleka kuJehova; wamphendula ngomlilo ovela ezulwini phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa. UJehova wayiyala ingelosi; wayesehosha inkemba yakhe futhi.