1 IZikhronike 15:1-29

1 IZikhronike 15:1-29 ZUL20

UDavide wakha izindlu emzini wakhe, walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela ithende. UDavide wayesethi: “Umphongolo kaNkulunkulu mawungathwalwa muntu, kuphela abaLevi, ngokuba yibo abaqokwe nguSimakade ukuthwala umphongolo kaSimakade, nokumkhonza kuze kube phakade.” UDavide waqoqela ndawonye eJerusalema wonke u-Israyeli ukuba kukhushulwe umphongolo kaSimakade uyiswe endaweni awulungiselele yona. UDavide waqoqa amadodana ka-Aroni nabaLevi. Ozalweni lukaKhohathi: u-Uriyeli umholi, nabafowabo, beyi-120; ozalweni lukaMerari: u-Asaya umholi, nabafowabo, bengama-220; ozalweni lukaGereshomu: uJoweli umholi, nabafowabo, beyi-130; ozalweni luka-Elizafani: uShemaya umholi, nabafowabo, bengama-200; ozalweni lukaHebhroni: u-Eliyeli umholi, nabafowabo, bengama-80; ozalweni luka-Uziyeli: u-Aminadaba umholi, nabafowabo, beyi-112. UDavide wabiza uZadoki, u-Abhiyathara, abaphristi, abaLevi, u-Uriyeli, u-Asaya, uJoweli, uShemaya, u-Eliyeli no-Aminadaba. Wathi kubo: “Nina niyizinhloko zezindlu zoyise babaLevi, zingcweliseni, nina nabafowenu, ukuba nikhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, niwuyise endaweni engiwulungisele yona. Ngenxa yokuba aniwuthwalanga ngesikhathi esedlule, uSimakade uNkulunkulu wethu wasithelekela, ngokuba asimfunanga njengokwesimiso.” Abaphristi nabaLevi base bezingcwelisa ukuze bakhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. Abozalo lwabaLevi bawuthwala ngezingongolo emahlombe umphongolo kaNkulunkulu, njengokuyala kukaMose, ngezwi likaSimakade. UDavide watshela abaholi babaLevi ukuba babeke abafowabo, abahlabeleli bashaye izinsimbi ezishaywayo, izingubhu, amahabhu, amasimbali, bakushaye, bamemeze ngokuthokoza. AbaLevi base bebeka uHemani, indodana kaJoweli, nakubafowabo babeka u-Asafa, indodana kaBherekhiya, nasemadodaneni kaMerari, abafowabo, u-Ethani, indodana kaKhushaya. Babekanye nabafowabo besigaba sesibili: uZakhariya, uBheni, uJahaziyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uBhenaya, uMahaseya, uMathithiya, u-Elifelehu, uMikhineya, u-Obhede Edomi, noJehiyeli, abalindisango. Abahlabeleli: uHemani, u-Asafa, no-Ethani ukuba bakhalise amasimbali ethusi. UZakhariya, u-Aziyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uMahaseya, noBhenaya bashaye izingubhu ezilungiselwe i-Alamothi. UMathithiya, u-Elifelehu, uMikhineya, u-Obhede Edomi, uJehiyeli, no-Azaziya, babephethe amahabhu alungiselwe iSheminithi ukuba bahole. UKhenaniya, umholi wabaLevi, wayengamele umsebenzi wokuthwala, efundisa ukuthwala ngokuba wayekwazi. UBherekhiya no-Elikhana babengabalindisango bomphongolo. UShebhaniya, uJehoshafathi, uNethaneli, u-Amasayi, uZakhariya, uBhenaya, u-Eliyezeri, abaphristi, babeshaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu. U-Obhede Edomi noJehiya bona babengabalindisango bomphongolo. KwakunguDavide, namalunga akwa-Israyeli, nezinduna zezinkulungwane abahamba bethokoza bayokhuphula umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endlini ka-Obhede Edomi. Kwathi lapho uNkulunkulu esebasizile abaLevi, abathwali bomphongolo wesivumelwano sikaSimakade, base benikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa. UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo, njengabo bonke abaLevi ababethwele umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya umholi wabahlabeleli. UDavide wayenengubo yamahlombe yelineni. Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo-ke umphongolo wesivumelwano sikaSimakade; ngokukhamuluka nangomsindo womtshingo, amacilongo, amasimbali, ebetha izingubhu namahabhu. Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade usungeniswa emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza ngefasitela, wabona inkosi uDavide isina, igida; wayedelela enhliziyweni yakhe.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo