1 iziKronike 15:1-29

1 iziKronike 15:1-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UDavide wakha izindlu emzini wakhe, walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela ithende. UDavide wayesethi: “Umphongolo kaNkulunkulu mawungathwalwa muntu, kuphela abaLevi, ngokuba yibo abaqokwe nguSimakade ukuthwala umphongolo kaSimakade, nokumkhonza kuze kube phakade.” UDavide waqoqela ndawonye eJerusalema wonke u-Israyeli ukuba kukhushulwe umphongolo kaSimakade uyiswe endaweni awulungiselele yona. UDavide waqoqa amadodana ka-Aroni nabaLevi. Ozalweni lukaKhohathi: u-Uriyeli umholi, nabafowabo, beyi-120; ozalweni lukaMerari: u-Asaya umholi, nabafowabo, bengama-220; ozalweni lukaGereshomu: uJoweli umholi, nabafowabo, beyi-130; ozalweni luka-Elizafani: uShemaya umholi, nabafowabo, bengama-200; ozalweni lukaHebhroni: u-Eliyeli umholi, nabafowabo, bengama-80; ozalweni luka-Uziyeli: u-Aminadaba umholi, nabafowabo, beyi-112. UDavide wabiza uZadoki, u-Abhiyathara, abaphristi, abaLevi, u-Uriyeli, u-Asaya, uJoweli, uShemaya, u-Eliyeli no-Aminadaba. Wathi kubo: “Nina niyizinhloko zezindlu zoyise babaLevi, zingcweliseni, nina nabafowenu, ukuba nikhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, niwuyise endaweni engiwulungisele yona. Ngenxa yokuba aniwuthwalanga ngesikhathi esedlule, uSimakade uNkulunkulu wethu wasithelekela, ngokuba asimfunanga njengokwesimiso.” Abaphristi nabaLevi base bezingcwelisa ukuze bakhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. Abozalo lwabaLevi bawuthwala ngezingongolo emahlombe umphongolo kaNkulunkulu, njengokuyala kukaMose, ngezwi likaSimakade. UDavide watshela abaholi babaLevi ukuba babeke abafowabo, abahlabeleli bashaye izinsimbi ezishaywayo, izingubhu, amahabhu, amasimbali, bakushaye, bamemeze ngokuthokoza. AbaLevi base bebeka uHemani, indodana kaJoweli, nakubafowabo babeka u-Asafa, indodana kaBherekhiya, nasemadodaneni kaMerari, abafowabo, u-Ethani, indodana kaKhushaya. Babekanye nabafowabo besigaba sesibili: uZakhariya, uBheni, uJahaziyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uBhenaya, uMahaseya, uMathithiya, u-Elifelehu, uMikhineya, u-Obhede Edomi, noJehiyeli, abalindisango. Abahlabeleli: uHemani, u-Asafa, no-Ethani ukuba bakhalise amasimbali ethusi. UZakhariya, u-Aziyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uMahaseya, noBhenaya bashaye izingubhu ezilungiselwe i-Alamothi. UMathithiya, u-Elifelehu, uMikhineya, u-Obhede Edomi, uJehiyeli, no-Azaziya, babephethe amahabhu alungiselwe iSheminithi ukuba bahole. UKhenaniya, umholi wabaLevi, wayengamele umsebenzi wokuthwala, efundisa ukuthwala ngokuba wayekwazi. UBherekhiya no-Elikhana babengabalindisango bomphongolo. UShebhaniya, uJehoshafathi, uNethaneli, u-Amasayi, uZakhariya, uBhenaya, u-Eliyezeri, abaphristi, babeshaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu. U-Obhede Edomi noJehiya bona babengabalindisango bomphongolo. KwakunguDavide, namalunga akwa-Israyeli, nezinduna zezinkulungwane abahamba bethokoza bayokhuphula umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endlini ka-Obhede Edomi. Kwathi lapho uNkulunkulu esebasizile abaLevi, abathwali bomphongolo wesivumelwano sikaSimakade, base benikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa. UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo, njengabo bonke abaLevi ababethwele umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya umholi wabahlabeleli. UDavide wayenengubo yamahlombe yelineni. Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo-ke umphongolo wesivumelwano sikaSimakade; ngokukhamuluka nangomsindo womtshingo, amacilongo, amasimbali, ebetha izingubhu namahabhu. Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade usungeniswa emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza ngefasitela, wabona inkosi uDavide isina, igida; wayedelela enhliziyweni yakhe.

1 iziKronike 15:1-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wazakhela izindlu emzini kaDavide; walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende. Khona uDavide wathi: “Umphongolo kaNkulunkulu nga ungathwalwa muntu, ngamaLevi kuphela, ngokuba yiwona akhethwe nguJehova ukuthwala umphongolo kaNkulunkulu nokumkhonza kuze kube phakade.” UDavide wabuthela wonke u-Israyeli eJerusalema ukukhuphulela umphongolo kaJehova endaweni yawo awulungisele yona. UDavide wabutha amadodana ka-Aroni namaLevi; kumadodana kaKohati: ngu-Uriyeli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amabili; kumadodana kaMerari: ngu-Asaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili namashumi amabili; kumadodana kaGereshomu: nguJoweli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amathathu; kumadodana ka-Elisafani: nguShemaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili; kumadodana kaHebroni: ngu-Eliyeli inhloko nabafowabo, bengamashumi ayisihiyagalombili; kumadodana ka-Uziyeli: ngu-Aminadaba inhloko nabafowabo, beyikhulu neshumi nambili. UDavide wabiza oSadoki no-Abiyathara abapristi, namaLevi o-Uriyeli, no-Asaya, noJoweli, noShemaya, no-Eliyeli, no-Aminadaba, wathi kubo: “Nina niyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi; zingcweliseni nina nabafowenu ukuba niwukhuphulele umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endaweni engiyilungisele wona. Ngokuba ngenxa yokungawuthwali kwenu kuqala uJehova uNkulunkulu wethu wafohla kithina, ngokuba singamfunanga njengomthetho.” Base bezingcwelisa abapristi namaLevi ukuba bawukhuphule umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Abantwana bamaLevi bawuthwala umphongolo kaNkulunkulu emahlombe abo ngezinti zawo njengokuyala kukaMose ngezwi likaJehova. UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu,* namasimbali,* bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza. AmaLevi ayesebeka uHemani indodana kaJoweli, nakubafowabo u-Asafa indodana kaBerekiya, nakumadodana kaMerari, abafowabo, u-Ethani indodana kaKushaya, bekanye nabo abafowabo besigaba sesibili: oZakariya, noBeni, noJahaziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, abalindisango, nabahlabeleli oHemani no-Asafa no-Ethani ukuba bakhalise amasimbali* ethusi, noZakariya, no-Aziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya ukuba babe nezingubhu ezilungiselwe i-Alamoti,* noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, no-Azaziya ukuba babe namahabhu* alungiselwe iSheminiti* ukuba bahole. UKhenaniya induna yamaLevi wayephethe umsebenzi wokuthwala; wayefundisa ukuthwala ngokuba wayekwazi. OBerekiya no-Elkana babe ngabalindisango bomphongolo. OShebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, bashaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babe ngabalindisango bomphongolo. UDavide namalunga akwa-Israyeli nezinduna zezinkulungwane baya ukuwukhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova endlini ka-Obede Edomi ngokuthokoza; kwathi lapho uNkulunkulu esesizile amaLevi awuthwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, anikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nangezinqama eziyisikhombisa. UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo kanye nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya induna yokuthwala kwabahlabeleli; uDavide wayenengubo yamahlombe yelineni. Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo, nangamacilongo, nangamasimbali,* ebetha izingubhu namahabhu.* Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova usungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide isina, idlala; wayidelela enhliziyweni yakhe.

1 iziKronike 15:1-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UDavide wazakhela izindlu emzini kaDavide, walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende. UDavida wasesithi: Kakulamuntu ongathwala umphongolo kaNkulunkulu, ngaphandle kwamaLevi, ngoba bakhethile uJehova ukuthi athwale umphongolo kaNkulunkulu, bamkhonze kuze kube nininini. UDavide wabutha wonke u-Israyeli eJerusalema ukuba alethe umphongolo kaJehova endaweni yawo ayewulungisele wona. UDavide wabiza abantwana bakwa-Aroni namaLevi; emadodaneni kaKohati: u-Uriyeli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amabili; emadodaneni kaMerari; uAsaya inhloko, nabafowabo, bengamakhulu amabili namashumi amabili; emadodaneni kaGereshomu: uJoweli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amathathu; Kumadodana ka-Elishafani; uShemaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili; emadodaneni kaHebroni: nguEliyeli inhloko nabafowabo, bengamashumi ayisishiyagalombili; emadodaneni ka-Uziyeli: ngu-Aminadaba inhloko nabafowabo, beyikhulu neshumi nambili. UDavide wabiza oSadoki no-Abiyathara, abapristi, namaLevi, ku-Uriyeli, no-Asaya, noJoweli, noShemaya, no-Eliyeli, no-Aminadaba; Wathi kubo: “Nina niyizinhloko zemindeni yamaLevi; zingcweliseni nina nabafowenu, ukuze nilethe umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endaweni engiwulungisele yona. Ngoba ngenxa yokuthi anikwenzanga lokhu ekuqaleni, uJehova uNkulunkulu wethu wafohla phezu kwethu, ngokuba asimfunanga ngokomthetho. Abapristi namaLevi bazingcwelisa ukuba bakhuphule umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Abantwana bamaLevi bathwala umphongolo kaNkulunkulu emahlombe abo nezinti kuwo, njengalokho eyalile uMose njengezwi likaJehova. UDavide wakhuluma ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo ukuba babe abahlabeleli, benezinsimbi zomculo, amahabhu, nezinsimbi, namasimbali, baphakamise izwi ngokujabula. AmaLevi amisa uHemani indodana kaJoweli; kubafowabo: ngo-Asafa indodana kaBerekiya; emadodaneni kaMerari, abafowabo: ngo-Ethani indodana kaKusaya; kanye nabo abafowabo besigaba sesibili, uZakariya, noBeni, noJahesiyeli, noSemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatitja, no-Elifele, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, abalindisango. Abahlabeleli, oHemani, no-Asafa, no-Ethani, babemiselwe ukuba bashaye amasimbali ethusi; noZakariya, no-Asiyeli, noSemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya, benezingubhu ze-Alamoti; noMatithiya, no-Elifele, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, no-Asasiya, benezinsimbi kumaSemini ukuba bavelele. UKhenaniya induna yamaLevi wayephethe ukuhlabelela; OBheregiya no-Elkana babengabamasango omphongolo. OSebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, babetha amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babengabamasango omphongolo. UDavide namalunga akwa-Israyeli nezikhulu badlula inkulungwane ukuwukhipha umphongolo wesivumelwano sikaJehova endlini ka-Obede Edomi ngokuthokoza. Lapho uNkulunkulu esiza amaLevi ayethwele umphongolo wesivumelwano sikaJehova, anikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa. UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo, nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo, nabahlabeleli, noKenaniya induna yokuhlabelela kanye nabahlabeleli; UDavide wayembethe ingubo yasehlombe yelineni. Ngakho wonke u-Israyeli wawukhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokujabula nangokukhala kwecilongo namacilongo namasimbali, ehlokoma ngamahabhu nangezinsimbi. Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide isina, idlala, wayidelela enhliziyweni yakhe.