UDavide no-Israyeli wonke baya eJerusalema eliyiJebusi, lapho kwakuhlala khona izakhamuzi zakulelo lizwe, amaJebusi. Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awusoze wangena lapha.” UDavide nokho wayinqoba inqaba iZiyoni, wayidla yaba ngumuzi wakhe. UDavide wathi: “Lowo muntu oyohlabana kuqala, abulale umJebusi, nguye ozokuba yinhloko nenduna.” UJowabe, indodana kaZeruya, wenyuka kuqala, wawudla umhlanganiso, wabe eseba yinhloko. UDavide wahlala enqabeni, ngakho-ke bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. Wakha umuzi, wayizungeza kusuka eMilo kuya kuzo zonke izindawo. UJowabe wavusa okwakusasele komuzi. UDavide waqhubeka njalo wakhula, ngokuba uSimakade Wamabandla wayenaye.
Funda 1 IZikhronike 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 IZikhronike 11:4-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo