1 IZikhronike 11:4-9

1 IZikhronike 11:4-9 ZUL20

UDavide no-Israyeli wonke baya eJerusalema eliyiJebusi, lapho kwakuhlala khona izakhamuzi zakulelo lizwe, amaJebusi. Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awusoze wangena lapha.” UDavide nokho wayinqoba inqaba iZiyoni, wayidla yaba ngumuzi wakhe. UDavide wathi: “Lowo muntu oyohlabana kuqala, abulale umJebusi, nguye ozokuba yinhloko nenduna.” UJowabe, indodana kaZeruya, wenyuka kuqala, wawudla umhlanganiso, wabe eseba yinhloko. UDavide wahlala enqabeni, ngakho-ke bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. Wakha umuzi, wayizungeza kusuka eMilo kuya kuzo zonke izindawo. UJowabe wavusa okwakusasele komuzi. UDavide waqhubeka njalo wakhula, ngokuba uSimakade Wamabandla wayenaye.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo