1 iziKronike 11:4-9
1 iziKronike 11:4-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide no-Israyeli wonke baya eJerusalema eliyiJebusi, lapho kwakuhlala khona izakhamuzi zakulelo lizwe, amaJebusi. Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awusoze wangena lapha.” UDavide nokho wayinqoba inqaba iZiyoni, wayidla yaba ngumuzi wakhe. UDavide wathi: “Lowo muntu oyohlabana kuqala, abulale umJebusi, nguye ozokuba yinhloko nenduna.” UJowabe, indodana kaZeruya, wenyuka kuqala, wawudla umhlanganiso, wabe eseba yinhloko. UDavide wahlala enqabeni, ngakho-ke bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. Wakha umuzi, wayizungeza kusuka eMilo kuya kuzo zonke izindawo. UJowabe wavusa okwakusasele komuzi. UDavide waqhubeka njalo wakhula, ngokuba uSimakade Wamabandla wayenaye.
1 iziKronike 11:4-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho. Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awuyikungena lapha.” UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide. UDavide wathi: “Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna.” Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko. UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi. UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye.
1 iziKronike 11:4-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; lapho ayekhona amaJebusi, ayakhe kulelo zwe. Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awuyikuza lapha. Nokho, uDavide wathatha inqaba yaseSiyoni, engumuzi kaDavide. UDavida wasesithi: Onqoba amaJebusi kuqala uzakuba yinhloko lombusi. Ngakho uJowabe indodana kaSeruya wenyuka kuqala, waba yinhloko. UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bawubiza ngokuthi umuzi kaDavide. Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo nxazonke, uJowabe walungisa okuseleyo komuzi. UDavide waqhubeka eba mkhulu ngokuba mkhulu, ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye.