IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:1-4

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:1-4 ZUL59

Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni. Makangange ngokwanga komlomo wakhe! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini. Amafutha akho anephunga elimnandi; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda. Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo.