IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:1-4
IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Isihlabelelo sezihlabelelo sikaSolomoni. Makangiqabule ngokuqabula komlomo wakhe! Uthando lwakho lumnandi kunewayini. Amafutha akho athaphuka iphunga elimnandi, igama lakho linjengamafutha atheliweyo; yingakho izintombi zikuthanda nje. Ngidonse ngikulandele, sigijime. Inkosi isingingenisile emakamelweni ayo.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni. Makangange ngokwanga komlomo wakhe! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini. Amafutha akho anephunga elimnandi; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda. Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni. Makangange ngokwanga komlomo wakhe, ngokuba uthando lwakho lungcono kunewayini. Ngenxa yephunga elimnandi lamafutha akho, igama lakho linjengamafutha athululwayo; ngalokho izintombi ziyakuthanda. Ngidonsa, siyakugijima emva kwakho; inkosi yangingenisa emakamelweni ayo; sizojabula futhi sijabule ngawe, sizocabanga ngothando lwakho ngaphezu kwewayini; abaqotho bayakuthanda.