KwabaseRoma 14:5-19

KwabaseRoma 14:5-19 ZUL59

Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe. Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu. Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi. Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo. Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi, ‘kimina ayakuguqa amadolo onke, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ” Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu. Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso. Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi. Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu. Ngalokho okuhle kwenu makungahlanjalazwa. Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele, ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu, ukholekile kubantu. Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana.