Ngalokho ngithi: UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini. UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya ukuba umangalela u-Israyeli kuNkulunkulu ngokuthi: “Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho, mina ngisele ngedwa, sebefuna ukungibulala nami,” na? Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.” Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa; kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.
Funda KwabaseRoma 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 11:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo