KwabaseRoma 1:18-25

KwabaseRoma 1:18-25 ZUL59

Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi, ngokuba lokho okwazekayo ngoNkulunkulu kusobala phakathi kwabo; ngokuba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo. Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela, ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama. Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba yiziwula, nenkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo bayiguqula ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo. Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo, baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.