AmaHubo 97:1-12

AmaHubo 97:1-12 ZUL59

UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi. Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke. Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele. Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke. Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe; izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe. Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu. ISiyoni liyezwa, liyajabula; amadodakazi akwaJuda ayethaba ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova. Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke. Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi. Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho. Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.