AmaHubo 97:1-12
AmaHubo 97:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi. Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke. Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele. Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke. Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe; izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe. Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu. ISiyoni liyezwa, liyajabula; amadodakazi akwaJuda ayethaba ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova. Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke. Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi. Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho. Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.
AmaHubo 97:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade uyabusa, umhlaba mawuthokoze, zethabe iziqhingi eziningi. Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. Umlilo uhamba phambi kwakhe, uzishwabadele nxazonke izitha zakhe. Imibani yakhe ikhanyisa umhlaba, ukubona lokho umhlaba qede uthuthumele. Izintaba zincibilikisa okwengcina phambi kukaSimakade, phambi kweNkosi yawo wonke umhlaba. Amazulu ashumayela ngokulunga kwakhe, nezizwe zonke ziyayibona inkazimulo yakhe. Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo mabajabhe, labo abazigabisa ngezithombe. Bonke onkulunkulu bakhothame phambi kwakhe. IZiyoni liyezwa, futhi lithokozile, namadodakazi akwaJuda ayethaba, ngenxa yezehlulelo zakho, Simakade, ngokuba Wena Simakade ungoPhezu kwawo wonke umhlaba, uphakeme kakhulu, ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu. Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali. Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho. Thokozani kuSimakade, nina balungileyo, nibonge lapho nikhumbula ubungcwele bakhe.
AmaHubo 97:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova uyinkosi; umhlaba mawuthokoze; uquqaba lweziqhingi malujabule ngalo. Amafu nobumnyama kumhaqa, ukulunga nokulunga kuyindawo yokuhlala yesihlalo sakhe sobukhosi. Umlilo uyaphuma phambi kwakhe ushise izitha zakhe nxazonke. Imibani yakhe yakhanyisa umhlaba; umhlaba wakubona, wazamazama. Izintaba zancibilika njengengcina phambi kweNkosi, phambi kweNkosi yomhlaba wonke. Amazulu amemezela ukulunga kwakhe, futhi bonke abantu bayayibona inkazimulo yakhe. Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo bajabhile, abazincoma ngezithombe; nimkhonze, onkulunkulu bonke. IZiyoni yezwa, yathokoza; amadodakazi akwaJuda ajabula ngezahlulelo zakho, Jehova; Ngokuba wena Jehova uphakeme phezu komhlaba wonke, uphakeme phezu kwabo bonke onkulunkulu. Nina enithanda uJehova zondani okubi; Ulondoloza imiphefumulo yabathandekayo bakhe; Uyabasindisa esandleni sababi. Ukukhanya kuhlwanyelwa olungileyo, nenjabulo kwabaqotho ngenhliziyo. Jabulani kuJehova nina balungileyo; futhi ngenxa yokukhumbula ubungcwele Bakhe.