AmaHubo 96:1-13

AmaHubo 96:1-13 ZUL59

Hlabelelani kuJehova ihubo elisha, nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke. Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu. Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele. Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla. Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe. Khulekani kuJehova, nihlobe ubungcwele; thuthumela ebusweni bakhe, mhlaba wonke. Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,” izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho. Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo. Mawename amasimu nakho konke okukuwo, ijabule imithi yonke yehlathi ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.