AmaHubo 96:1-13
AmaHubo 96:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Hlabelelani kuJehova ihubo elisha, nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke. Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu. Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele. Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla. Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe. Khulekani kuJehova, nihlobe ubungcwele; thuthumela ebusweni bakhe, mhlaba wonke. Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,” izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho. Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo. Mawename amasimu nakho konke okukuwo, ijabule imithi yonke yehlathi ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.
AmaHubo 96:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Hlabelelani uSimakade ihubo elisha, nimhlabelele uSimakade, mhlaba wonke. Mhubeleni uSimakade, nibonge igama lakhe, nimemezele insindiso yakhe imihla ngemihla. Landani ngenkazimulo yakhe kwabezizwe, nezimangaliso zakhe kubantu bonke. Mkhulu uSimakade, udumisekile kakhulu, uyesabeka ngaphezu konkulunkulu bonke. Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kodwa uSimakade wenza izulu. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe, amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele. Nina mindeni yabantu nikani uSimakade, mnikeni uSimakade inkazimulo namandla. Mnikeni uSimakade inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe. Khulekani kuSimakade, nihlobe ngobungcwele, nithuthumele ebusweni bakhe, mhlaba wonke. Shonini phakathi kwezizwe, nithi: “USimakade uyinkosi;” umhlaba umi uqinile, awunakunyakaziswa. Uyokwehlulela izizwe ngobuqotho. Malijabule izulu, umhlaba uthokoze, maluhlokome ulwandle, nakho konke okukulo. Mawethabe amasimu, nakho konke okukuwo, kwename imithi yonke yehlathi phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba. Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba, nezizwe ngokwethembeka kwakhe.
AmaHubo 96:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Hlabelelani kuJehova ihubo elisha; hlabelelani uJehova, mhlaba wonke. Hlabelelani kuJehova, nidumise igama lakhe; yenza ukuba yaziwe insindiso yakhe imihla ngemihla. Landisani inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. Ngokuba mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu. Ngokuba bonke onkulunkulu bezizwe bayizithombe, kepha uJehova wenza izulu. Udumo nobukhosi kuphambi kwakhe, amandla nobuhle kusendlini yakhe engcwele. Mnikeni uJehova, zizukulwane zabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla. Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe; wenze umhlatshelo, ungene emagcekeni akhe. Mkhonzeni uJehova ebuhleni bobungcwele; mesabeni, mhlaba wonke. Yishoni phakathi kwezizwe ukuthi uJehova uyinkosi; Uzakwahlulela izizwe ngokulunga. Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; makuhlokome ulwandle nokugcwala kwalo. Mayijabule insimu nakho konke okukuyo; khona-ke yonke imithi yehlathi iyojabula Phambi kobuso bukaJehova, ngokuba uyeza, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngeqiniso lakhe.