AmaHubo 8:3-9

AmaHubo 8:3-9 ZUL59

Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo, umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na? Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi. Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe: izimvu, nezinkomo zonke, yebo, nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandle, nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle. Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!

Funda AmaHubo 8

Verse Image for AmaHubo 8:3-9

AmaHubo 8:3-9 - Lapha ngibuka izulu lakho,
umsebenzi weminwe yakho,
inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,
umuntu uyini ukuba umkhumbule,
nendodana yomuntu ukuba uyinake na?
Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu,
wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi.

Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho;
konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:
izimvu, nezinkomo zonke,
yebo, nezilwane zasendle,
nezinyoni zezulu,
nezinhlanzi zolwandle,
nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.

Jehova Nkosi yethu,
igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 8:3-9