AmaHubo 59:1-17

AmaHubo 59:1-17 ZUL59

Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo; ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi. Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova. Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone. Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela* Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini. Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?” Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe. Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami. UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba. Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu. Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo. Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela* Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini. Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku. Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami. Mandla ami, ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami womusa.