AmaHubo 59:1-17

AmaHubo 59:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Nkulunkulu wami, ngikhulule ezitheni zami, ungivikele kwabangivukelayo. Ngikhulule kwabenza okubi, ungisindise kubantu abomele igazi. Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami, iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko nasono kimi, Simakade. Ziyagijima, zizilungisele, ngingenacala, vuka ungihlangabeze, uzibonele ngawakho. Wena, Simakade Nkulunkulu Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka ujezise zonke izizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela Babuya kusihlwa, bahlabe umkhulungwane njengenja, bezulazula emzini. Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?” Kepha Wena Simakade uyabahleka, ubaklolodele bonke abezizwe. Ngenxa yamandla akho, ngizokulindela, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami. UNkulunkulu wami uzongihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uzongibonisa izitha zami zinqotshwa. Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe, kodwa zihlakaze ngamandla akho, uziqumbe phansi, Nkosi, sihlangu sethu. Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono esiphuma emlonyeni wazo, mazibambeke ekuqhosheni kwazo, nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo. Ziqede nya, ngolaka, uzishabalalise ziphele nya, mazazi ukuthi nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela Zibuya kusihlwa, zihlabe umkhulungwane njengenja, zizulazule emzini. Zehla zenyuka zifuna ukudla; uma zingasuthi, ziyagwavuma. Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngithabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami nesiphephelo sami ngosuku lokuhlupheka kwami. Mandla ami, ngizohubela Wena; ngokuba uNkulunkulu, uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami onomusa.

AmaHubo 59:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo; ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi. Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova. Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone. Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela* Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini. Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?” Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe. Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami. UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba. Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu. Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo. Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela* Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini. Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku. Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami. Mandla ami, ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami womusa.

AmaHubo 59:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kumholi wokuhlabelela, u-Altaskiti, uMikitamu kaDavide, ekuthumeleni kukaSawule, bayilinda indlu ukuba bambulale. Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo. Ngikhulule kubenzi bobubi, ungikhulule kubantu begazi. Ngokuba bheka, baqapha umphefumulo wami; hhayi ngenxa yesiphambeko sami noma ngenxa yesono sami, Jehova. Bagijima, balungise, kungekho cala lami; vuka ungisize, ubuke. Wena-ke, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uhambele zonke izizwe; ungabonisi umusa kunoma yiziphi izeqamthetho. Sela. Babuya kusihlwa: babanga umsindo njengenja, bazungeza umuzi. Bheka, bayaxokozela ngomlomo wabo; izinkemba zisezindebeni zabo; ngoba bathi ngubani ozwayo? Kepha wena Jehova uyakubahleka; uzoklolodela abezizwe bonke. Ngenxa yamandla akhe ngizakulindela, ngoba uNkulunkulu uyisiphephelo sami. UNkulunkulu womusa wami uyakungimisa; UNkulunkulu uzongenza ngibone isifiso sami mayelana nezitha zami. Ungabulali, ukuze abantu bami bangakhohlwa; zihlakaze ngamandla akho; ubawise, Nkosi, sihlangu sethu. Ngenxa yesono somlomo wabo nangenxa yamazwi ezindebe zabo, mabaziqhenye ngisho nasekuziqhenyeni kwabo, nangenxa yesiqalekiso namanga abawakhulumayo. Baqede ngokuthukuthela, baqede, bangabi khona; futhi mabazi ukuthi uNkulunkulu uyabusa kwaJakobe kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela. Babuye kusihlwa; bakhamuluke njengenja, bazulazule emzini. Mabazulazule befuna ukudla, banqikaze uma bengasuthi. Kepha mina ngiyakuhlabelela ngamandla akho; yebo, ekuseni ngiyakuhlabelela ngomusa wakho, ngokuba uyisiphephelo sami nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami. O mandla ami, ngifisa ukuhlabelela ngodumo lwakho, ngokuba uNkulunkulu uyisiphephelo sami noNkulunkulu womusa wami.