AmaHubo 55:11-23

AmaHubo 55:11-23 ZUL59

Ububi buphakathi kwawo; imbandezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo. Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo; ngabe ngiyakuthwala; akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami; ngabe ngamcashela; kepha nguwe ntanga yami, mhlobo wami nomngane wami. Sasihlalisana kamnandi; sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo. Ukufa makubazume, bashonele endaweni yabafileyo besezwa, ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo. Mina ngizakukhala kuNkulunkulu; uJehova uzakungisindisa. Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami. Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi, ngokuba baningi abamelene nami. UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule, yena okhona kwaphakade. Sela* Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduka, nabangamesabiyo uNkulunkulu. Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye; udumazile isivumelwano sakhe. Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa, kepha inhliziyo yakhe iyimpi; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo. Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe. Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.