AmaHubo 55:11-23
AmaHubo 55:11-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Incithakalo itholakala kuwo, ingcindezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo. Ukuba bengiklolodelwa yisitha, bengizokubekezelela lokho, nokuba bekungongizondayo oziphakamise phezu kwami, bengizomcashela. Kepha nguwe ntanga yethu, mhlobo wami nomngani wami. Besihlala ndawonye kamnandi; besihamba simshungu munye siya endlini kaNkulunkulu nebandla elithokozayo. Ukufa makubazume, behlele endaweni yabafileyo besaphila, ngokuba ububi busezindlini zabo, phakathi kwabo. Kepha mina ngizokhala kuNkulunkulu uSimakade, uzongisindisa. Ekuseni, emini nantambama ngizokhala kuye, ngibubule, uzolizwa izwi lami. Uyakuwukhulula umphefumulo wami ngokuthula, empini engibhekene nayo, ngokuba baningi abamelene nami. UNkulunkulu esesihlalweni kwasemandulo uzongizwa, abathobise, ngokuba abaphenduki, futhi abamesabi uNkulunkulu. Ugadla kulabo ahlalisene kahle nabo, usijivazile isivumelwano sakhe, amazwi akhe abushelelezi kunamafutha, kodwa inhliziyo igaya izibozi. Phonsa umthwalo wakho kuSimakade, Yena uzokusimamisa. Akayukuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe. Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.
AmaHubo 55:11-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ububi buphakathi kwawo; imbandezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo. Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo; ngabe ngiyakuthwala; akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami; ngabe ngamcashela; kepha nguwe ntanga yami, mhlobo wami nomngane wami. Sasihlalisana kamnandi; sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo. Ukufa makubazume, bashonele endaweni yabafileyo besezwa, ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo. Mina ngizakukhala kuNkulunkulu; uJehova uzakungisindisa. Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami. Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi, ngokuba baningi abamelene nami. UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule, yena okhona kwaphakade. Sela* Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduka, nabangamesabiyo uNkulunkulu. Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye; udumazile isivumelwano sakhe. Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa, kepha inhliziyo yakhe iyimpi; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo. Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe. Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.
AmaHubo 55:11-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ubuvila bukulo; ukukhwabanisa nenkohliso akusuki emigwaqweni yawo. Ngokuba akusiso isitha esangithuka; ngabe sengikwazi ukuligqoka; futhi akusiye owangizondayo ozikhukhumezile kimi; ngabe sengimcashele; Kodwa nguwe, umuntu olingana lami, umngane wami lomngane wami. Saba neseluleko esihle ndawonye futhi sahamba ndawonye saya endlini kaNkulunkulu. Ukufa makubafice, behlele esihogweni bephila, ngokuba ububi busezindlini zabo naphakathi kwabo. Mina-ke, ngizabiza uNkulunkulu; uJehova uyakungikhulula. Ngizokhuleka ngikhale kakhulu ebusuku nasekuseni nasemini, futhi uzolizwa izwi lami. Wawusindisa umphefumulo wami ngokuthula ekulweni kwami, ngokuba babebaningi ababe nami. UNkulunkulu uyakuzwa, abacindezele, yena ophila endulo. Sela. Ngenxa yokuthi abanalo ushintsho, ngakho abamesabi uNkulunkulu. Welulela izandla zakhe phezu kwabahlezi ngokuthula; Wephule isivumelwano sakhe. Amazwi omlomo wakhe abushelelezi kunebhotela, kepha inhliziyo yakhe yayilwa; amazwi akhe ayethambile kunamafutha, nokho ayeyizinkemba ezihoshiwe. Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, uzakukuphasa; Akasoze avumela olungileyo antengantenge. Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.