Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele. Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo. Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe. Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho. Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho. Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo. Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.
Funda AmaHubo 51
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 51:10-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo