Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oyiNgcwele. Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo. Yikhona ngiyofundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziphendukele kuwe. Nkulunkulu, ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu wensindiso yami, yikhona ulimi lwami luzohuba ngokulunga kwakho. Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho. Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo, noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayukuthokoza ngawo. Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owephukileyo. Nkulunkulu, awuyukuyidelela inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo.
Funda AMahubo 51
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 51:10-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo