AmaHubo 50:10-15

AmaHubo 50:10-15 ZUL59

Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane. Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi. Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo. Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi, ngiphuze igazi lezimpongo, na? Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke; ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 50:10-15