Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge. Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
Funda AmaHubo 34
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 34:11-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo