AmaHubo 34:11-18
AmaHubo 34:11-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade. Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso. Gwema okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphokophelele. Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo. Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi, ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo. USimakade useduze nabanhliziyo zidabukile, uyabasindisa abanomoya owaphukileyo.
AmaHubo 34:11-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge. Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
AmaHubo 34:11-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wozani, bantwana, ningilalele, nginifundise ukumesaba uJehova. Ngubani lo othanda ukuphila, othanda izinsuku eziningi ukuba abone okuhle, na? Gcina ulimi lwakho ebubini nezindebe zakho enkohliso. Deda ebubini wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphishekele. Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba asuse ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. Abalungileyo bayabiza, uJehova uyezwa, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo. UJehova useduze kwabanenhliziyo eyaphukileyo; futhi usindise ababuthakathaka benhliziyo.