AmaHubo 27:1-14

AmaHubo 27:1-14 ZUL59

UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na? Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe. Noma impi imisa ngakimi, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivukelwa ngukulwa, nokho nginethemba. Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe. Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe ngosuku lokuhlupheka, angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni. Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe, ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu. Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu; yiba nomusa kimi, ungiphendule. Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.” Ungafihli ubuso bakho kimi, ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela; wena ulusizo lwami, ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami. Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela. Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa yezitha zami. Unganginikeli entandweni yezitha zami; ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha ukudlozomela. Yeka, uma bengingathembanga ukubona okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo! Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo