AmaHubo 27:1-14

AmaHubo 27:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na? Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi. Noma impi ingakanisa imelane nami, inhliziyo yami ayiyukwesaba, ngisho impi ingangivukela, nokho ngiyoba neqholo. Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe. Ngokuba uzongifihla edokodweni lakhe ngosuku lwenhlupheko, angicashise endaweni efihlakele ethendeni lakhe, angiphakamisele edwaleni. Namanje ikhanda lami lizakuphakama phezu kwezitha zami ezingizungezile. Ngizonikela ngemihlatshelo, ngihlokome ngentokozo ngisethendeni lakhe. Ngihlabelele, ngidumise uSimakade ngokhehlegume. Ngizwe Simakade, lapho ngikunxusa, ube nomusa kimi, ungiphendule. Inhliziyo yami ithi uthe: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Simakade, ngiyabufuna.” Ungabufihli ubuso bakho kimi. Ungayixoshi inceku yakho ngentukuthelo; Wena uwusizo lwami, uze ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami. Nakuba ubaba nomame bengishiyile; uSimakade uzongemukela. Simakade, ngifundise indlela yakho, ungihole endleleni ehlelembekile ngenxa yezitha zami. Uze unganginikeli kokufiswa yizitha zami ngami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele, babhodla umlilo. Ngiyethemba ukuthi ngizobubona ubuhle bukaSimakade, ezweni labaphilayo! Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.

AmaHubo 27:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na? Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe. Noma impi imisa ngakimi, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivukelwa ngukulwa, nokho nginethemba. Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe. Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe ngosuku lokuhlupheka, angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni. Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe, ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu. Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu; yiba nomusa kimi, ungiphendule. Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.” Ungafihli ubuso bakho kimi, ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela; wena ulusizo lwami, ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami. Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela. Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa yezitha zami. Unganginikeli entandweni yezitha zami; ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha ukudlozomela. Yeka, uma bengingathembanga ukubona okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo! Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.

AmaHubo 27:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ihubo likaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani? uJehova ungamandla okuphila kwami; ngizosaba bani? Lapho ababi, yebo, izitha zami nezitha zami, befika phezu kwami ukuba badle inyama yami, bakhubeka bawa. Noma impi ingikanisa, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivuka impi, ngiyakwethemba lokho. Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna; ukuze ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuhamba kwami, ukuze ngibone inkazimulo kaJehova, ngibuze ethempelini lakhe. Ngokuba uyangithukusa etendeni lakhe ngesikhathi sokuhlupheka; uyangithukusa endaweni yokucasha yetende lakhe; Uzongimisa phezu kwedwala. Khathesi ikhanda lami lizakuphakama phezu kwezitha zami ezingihanqileyo; ngalokho ngiyakunikela ngemihlatshelo yokuthokoza etendeni lakhe; Ngifuna ukuhlabelela, yebo, ngifuna ukuhlabelela inkazimulo kaJehova. Yizwa, Jehova, lapho ngikhala ngezwi lami; yiba nomusa kimi futhi, ungiphendule. Lapho uthi: Dingani ubuso bami; inhliziyo yami yathi kuwe: Ngiyakufuna ubuso bakho, Jehova. Ungangifihleli ubuso bakho; Ungayisusi inceku yakho ngokuthukuthela; ube lusizo kimi; ungangishiyi, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami. Lapho ubaba nomame bangishiyile, uJehova uzongamukela. Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni eqondileyo ngenxa yezitha zami. Unganginikeli entandweni yezitha zami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabantu abaphefumula unya. Ngaphela amandla, ngaphandle kokuthi ngikholwe ukuthi ngizakubona okuhle kukaJehova elizweni labaphilayo. Lindela uJehova, ube nesibindi, uyakuqinisa inhliziyo yakho; lindelani uJehova.

AmaHubo 27:1-14

AmaHubo 27:1-14 ZUL59AmaHubo 27:1-14 ZUL59