Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele. UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha. Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha. Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama. INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa. UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini. Hubelani uJehova ngokubonga, nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,* osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo. Akathokozi ngamandla ehhashi, akajabuleli imilenze yomuntu. UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.
Funda AmaHubo 147
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 147:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo