AmaHubo 147:1-11
AmaHubo 147:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Haleluya! Kumnandi kakhulu ukuhlabelelela uNkulunkulu wethu, ngokuba unomusa, indumiso imfanele. USimakade wakha iJerusalema, uqoqa abakwa-Israyeli ababexoshiwe. Welapha abanhliziyo zephukile, abophe izilonda zabo. Ubala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama. INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwayo akunakulinganiswa. USimakade uyabaphakamisa abathobekileyo, izikhohlakali uziqumba phansi. Hubelani uSimakade ngokubonga, nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu, osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo. Akathokozi ngamandla ehhashi, akajatshuliswa yijubane lomuntu. USimakade ujatshuliswa ngabamesabayo, labo abathembela emuseni wakhe.
AmaHubo 147:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele. UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha. Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha. Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama. INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa. UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini. Hubelani uJehova ngokubonga, nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,* osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo. Akathokozi ngamandla ehhashi, akajabuleli imilenze yomuntu. UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.
AmaHubo 147:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Dumisani uJehova, ngokuba kuhle ukuhlabelela inkazimulo kaNkulunkulu wethu; ngoba kumnandi; nokudumisa kuthandeka. UJehova uyalakha iJerusalema, abuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli. Uyelapha abanenhliziyo eyaphukileyo abophe amanxeba abo. Ubala inani lezinkanyezi; zonke izibiza ngamagama azo. INkosi yethu inkulu futhi inamandla amakhulu, ukuqonda kwayo akupheli. UJehova uyaphakamisa abathobekileyo, ababi uyabaphonsa phansi. Hlabelelani kuJehova ngokubonga; hlabelelani inkazimulo kaNkulunkulu wethu ngesigubhu. Osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. Unika isilwane ukudla namazinyane amagwababa ekhala. Akathokozi ngamandla ehhashi; akathokozi ngemilenze yomuntu. UJehova uyathokoza kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe.