AmaHubo 142

142
Ukukhalela ukusindiswa ebudlwangudlwangwini babazingelayo
IMaskili* likaDavide esemhumeni. Umkhuleko.
1Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami,
ngincenga uJehova ngezwi lami.
2Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami,
ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.
3 Lapho umoya wami udangala phakathi kwami,
wena uyawazi umkhondo wami;
endleleni engihamba ngayo
bangifihlele ugibe.
4 Bheka ngakwesokunene sami,
ubone ukuthi akakho onginakekelayo;
isiphephelo singiphuthele,
akakho okhathalela umphefumulo wami.
5 Ngikhala kuwe Jehova, ngithi:
“Wena uyisiphephelo sami
nesabelo sami ezweni labaphilayo.”
6 Lalela ukukhala kwami,
ngokuba ngicindezelekile kakhulu;
ngikhulule kubo abangizingelayo,
ngokuba banamandla kunami.
7Khipha umphefumulo wami etilongweni
ukuba ngibonge igama lakho;
abalungileyo bayakungizungeza,
ngokuba uyakungiphatha kahle.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 142: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo