AmaHubo 139:7-10

AmaHubo 139:7-10 ZUL59

Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na? Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe.