AmaHubo 139:7-10
AmaHubo 139:7-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyakuyaphi ngisuka emoyeni wakho na? noma ngingabalekelaphi ebusweni bakho na? Lapho ngikhuphukela ezulwini, ulapho; lapho ngendlala umbhede wami esihogweni, bheka, Ukhona. Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiphile ekupheleni kolwandle; Nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe.
AmaHubo 139:7-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na? Uma ngikhuphukela ezulwini, Wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu Wena. Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe.
AmaHubo 139:7-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na? Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe.