AmaHubo 135:1-21

AmaHubo 135:1-21 ZUL59

Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu. Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi. Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe. Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu. Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke. Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe. Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane. Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke. Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla: uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani. Wanika izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe. Jehova, igama lakho limi phakade; isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane. Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe. Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kodwa aziboni. Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo. Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo. Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uJehova; wena ndlu ka-Aroni, mbonge uJehova. Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova; nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova. UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!