AmaHubo 135:1-21

AmaHubo 135:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Haleluya! Dumisani igama likaSimakade; mdumiseni nina zinceku zikaSimakade, enikhonza endlini yakhe, emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu. Mdumiseni uSimakade, ngokuba Yena muhle, lihubeleni igama lakhe, ngokuba lihle. Ngokuba uSimakade uziqokele uJakobe no-Israyeli, ukuba abe yifa lakhe. Impela ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu, nokuthi iNkosi yethu ingaphezu konkulunkulu bonke. Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza, ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke. Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enze imibani ibe yimvula, akhiphe umoya ezinqabeni zakhe. Washaya amazibulo aseGibhithe, awabantu nawezilwane. Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke. Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla: uSihoni, inkosi yama-Amori, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, nemibuso yonke eKhanani. Wathatha izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe. Simakade, igama lakho limi ingunaphakade. Simakade, ukhunjulwa yizizukulwane ngezizukulwane. Ngokuba uSimakade uyokwehlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe. Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi, amehlo zinawo, kodwa aziboni. Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo. Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazithembayo. Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uSimakade, wena ndlu ka-Aroni, mbonge uSimakade. Wena ndlu kaLevi, mbonge uSimakade, nina enimesabayo uSimakade, mbongeni uSimakade. USimakade makabongwe eZiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!

AmaHubo 135:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu. Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi. Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe. Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu. Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke. Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe. Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane. Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke. Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla: uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani. Wanika izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe. Jehova, igama lakho limi phakade; isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane. Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe. Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kodwa aziboni. Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo. Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo. Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uJehova; wena ndlu ka-Aroni, mbonge uJehova. Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova; nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova. UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!

AmaHubo 135:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Dumisani uJehova. Dumisani iGama leNKOSI; mdumiseni nina zinceku zikaJehova. Nina enimi endlini kaJehova, emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu, Dumisani uJehova; ngoba uJehova muhle; hlabelelani inkazimulo yegama lakhe; ngoba kumnandi. Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe no-Israyeli ukuba abe yifa lakhe. Ngokuba ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu. Konke uJehova akuthandayo wakwenza ezulwini nasemhlabeni, olwandle nasezikhukhuleni zonke zezwe. Wenza inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenzela imvula imibani; ukhipha umoya engcebeni yakhe. Owashaya amazibulo aseGibithe, awabantu nawezilwane; owathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, kuFaro nezinceku zakhe zonke. Owanqoba izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla; uSihoni, inkosi yama-Amori, no-Ogi, inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani; Wanika izwe labo libe yifa, laba yifa labantu bakhe u-Israyeli. Igama lakho, Jehova, limi kuze kube phakade; nesikhumbuzo sakho, Jehova, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Ngoba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, futhi uyozisola ngezinceku zakhe. Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; banamehlo, kepha ababoni; Zinezindlebe, kepha azizwa; nomoya awukho emlonyeni wawo. Abawenzayo bafana nawo; banjalo bonke abathembela kuzo. Dumisani uJehova nina ndlu ka-Israyeli, dumisani uJehova nina ndlu ka-Aroni. Dumisani uJehova nina ndlu kaLevi, nina enimesabayo uJehova, dumisani uJehova. Makabongwe uJehova eZiyoni, yena ohlala eJerusalema. Dumisani uJehova.