AmaHubo 119:49-96

AmaHubo 119:49-96 ZUL59

Khumbula izwi encekwini yakho owangipha ithemba ngalo. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; ngiyaduduzeka. Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami. Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho. Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngagcina iziyalezo zakho. UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho. Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho. Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova, ngokwezwi lakho. Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho. Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho. Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho; kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho. Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho. Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva. Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho. Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho. Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka. Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho ngokwezwi lakho. Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho. Mabaphendukele kimi abakwesabayo nabaziyo ubufakazi bakho. Inhliziyo yami mayiphelele ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho. Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?” Nginjengemvaba emsini; izimiso zakho angizikhohlwa. Zingaki izinsuku zenceku yakho? Uzakubahlulela nini abangizingelayo na? Abazidlayo bangimbela imigodi, bona abaphambene nomthetho wakho. Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngamanga; ngisize. Bacishe bangiqeda emhlabeni, kepha angishiyanga iziyalezo zakho. Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho. Kuze kube phakade, Jehova, izwi lakho limi liqinile ezulwini. Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi. Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho. Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami. Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo. Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho. Ababi bahlalele ukungibhubhisa, kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke, kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 119:49-96