AmaHubo 119:49-96
AmaHubo 119:49-96 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Khumbula izwi owalisho encekwini yakho, owangenza ngalo ngaba nethemba. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Ngiyazikhumbula Simakade, izehlulelo zakho zasendulo; ngiyaduduzeka. Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho. Izimiso zakho zaba yizihlabelelo kimi, endlini yokugogobala kwami. Simakade, ebusuku ngikhumbula igama lakho, ngigcine umthetho wakho. Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngizigcinile iziyalezo zakho. USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina. Ngincenga umusa wakho ngenhliziyo yami yonke; ngihawukele ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela, angikhohlwa ngumthetho wakho. Phakathi kwamabili ngivuka ngikubonge ngenxa yezehlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Simakade; ngifundise izimiso zakho. Simakade, ngokwezwi lakho wayenzela okuhle inceku yakho. Ngifundise ukwehlulela kahle nokwazi, ngokuba ngiyayikholwa imiyalo yakho. Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Umuhle Wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho. Inhliziyo yabo ilukhuni, abezwa lutho, kodwa mina ngithokoza ngomthetho wakho. Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho. Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva. Ngenziwe yizandla zakho, zangibumba, ngiphe umqondo ukuze ngifunde imiyalo yakho. Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho. Ngiyazi Simakade, ukuthi izehlulelo zakho zilungile, nokuthi ngokwethembeka wangijezisa. Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho, ngokwezwi lakho. Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Abazikhukhumezayo mabajabhe, ngokuba bangicindezela ngaphandle kwesizathu; nokho mina ngizozindla ngeziyalezo zakho. Abakwesabayo nababaziyo ubufakazi bakho mabaphendukele kimi. Inhliziyo yami mayibe msulwa ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho. Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?” Noma senginjengemvaba entuthwini, izimiso zakho angizikhohlwa. Zingaki izinsuku zenceku yakho na? Uyakubehlulela nini abangizingelayo na? Abaqhoshayo bangimbela imigodi, labo abaphambene nomthetho wakho. Yonke imiyalo yakho yethembekile, ngihlushwa ngaphandle kwesizathu; ngisize. Bacishe bangiqeda emhlabeni, kodwa angizishiyanga iziyalezo zakho. Ngesihawu sakho hlenga impilo yami, ukuze ngibugcine ubufakazi bakho obusho ngomlomo wakho. Simakade, izwi lakho limi liqinile ezulwini, kuze kube phakade. Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukwethembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi. Ngokwezehlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho. Ukuba umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami. Iziyalezo zakho angiyukuzikhohlwa kuze kube phakade, ngokuba ungiphilisile ngazo. Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngizifunile iziyalezo zakho. Izikhohlakali zicuthele ukungibhubhisa, kodwa mina ngigcina ubufakazi bakho. Ngibonile ukuthi konke kunesiphetho, kodwa umyalo wakho ubanzi kakhulu.
AmaHubo 119:49-96 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khumbula izwi encekwini yakho owangipha ithemba ngalo. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; ngiyaduduzeka. Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami. Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho. Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngagcina iziyalezo zakho. UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho. Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho. Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova, ngokwezwi lakho. Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho. Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho. Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho; kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho. Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho. Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva. Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho. Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho. Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka. Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho ngokwezwi lakho. Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho. Mabaphendukele kimi abakwesabayo nabaziyo ubufakazi bakho. Inhliziyo yami mayiphelele ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho. Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?” Nginjengemvaba emsini; izimiso zakho angizikhohlwa. Zingaki izinsuku zenceku yakho? Uzakubahlulela nini abangizingelayo na? Abazidlayo bangimbela imigodi, bona abaphambene nomthetho wakho. Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngamanga; ngisize. Bacishe bangiqeda emhlabeni, kepha angishiyanga iziyalezo zakho. Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho. Kuze kube phakade, Jehova, izwi lakho limi liqinile ezulwini. Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi. Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho. Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami. Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo. Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho. Ababi bahlalele ukungibhubhisa, kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke, kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.
AmaHubo 119:49-96 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
ZAIN. Khumbula izwi ongenze ngalithemba encekwini yakho. Lokhu kuyinduduzo yami ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangiklolodela kakhulu, kepha mina angichezuki emthethweni wakho. Ngacabanga izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; futhi ngiziduduze. Ingebhe ingibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. Izimiso zakho zaziyizingoma zami endlini yokugogobala kwami. Ngakhumbula igama lakho, Jehova, ebusuku, ngagcina umthetho wakho. Lokhu nganginakho, ngokuba ngigcine imiyalo yakho. CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho. Ngakuncenga ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngazikhumbula izindlela zami, ngabuyisela izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angehluleka ukugcina imiyalo yakho. Izixuku zababi zingigezile, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikudumise ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, nowabagcina imiyalo yakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho. IZIKHATHI. Wenze kahle encekwini yakho, Jehova, njengezwi lakho. Ngifundise ukwahlulela okuhle nokwazi, ngokuba ngiyakholwa imiyalo yakho. Ngingakacindezelwa, ngaduka, kepha manje ngiyaligcina izwi lakho. Wena umuhle futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazidlayo bangiqambele amanga, kepha mina ngiyakugcina imiyalo yakho ngayo yonke inhliziyo yami. Inhliziyo yabo ikhuluphele njengamanoni; kepha mina ngiyathokoza ngomthetho wakho. Kuhle kimi ukuthi ngicindezelwe; ukuze ngifunde izimiso zakho. Umthetho womlomo wakho muhle kimi kunezinkulungwane zegolide nesiliva. JOD. Izandla zakho zangenza, zangibumba; ngiphe ukuqonda, ukuze ngifunde imiyalo yakho. Labo abakwesabayo bayojabula lapho bengibona; ngoba ngethemba ilizwi lakho. Ngiyazi, Jehova, ukuthi izahlulelo zakho zilungile, nokuthi ungicindezele ngokwethembeka. Umusa wakho mawube yinduduzo kimi njengokwezwi lakho encekwini yakho. Umusa wakho mawuze phezu kwami, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Abazidlayo mabajabhe; ngokuba bangiphathe kabi ngeze, kepha ngiyakuqaphela imiyalo yakho. Abakwesabayo mabaphendukele Kimi nalabo abazi ubufakazi bakho. Inhliziyo yami mayiphile ngezimiso zakho; ukuthi kangilanhloni. CAPH. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho, kepha ngethemba izwi lakho. Amehlo ami ayaphela ezwini lakho ngokuthi: Uzangiduduza nini? Ngokuba senginjengegabha emsini; nokho angizikhohlwa izimiso zakho. Zingaki izinsuku zenceku yakho na? uyakubahlulela nini abangizingelayo na? Abazidlayo bangimbele imigodi ephambene nomthetho wakho. Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngokungafanele; uyangisiza Bacishe bangiqeda emhlabeni; kepha angiyishiyanga imiyalo yakho. Ngiphilise ngokomusa wakho; kanjalo ngiyakugcina ubufakazi bomlomo wakho. UKUKHUBAZEKA. Kuze kube phakade, Jehova, izwi lakho liqinile ezulwini. Ukuthembeka kwakho kuvela ezizukulwaneni ngezizukulwane; wawusekela umhlaba, umi. Namuhla baphila ngokwezimiso zakho, ngokuba zonke ziyizinceku zakho. Uma umthetho wakho ubungemnandi kimi, ngabe ngibhubhele osizini lwami. Angiyikukhohlwa phakade imiyalo yakho, ngokuba wangiphilisa ngayo. Ngingowakho, ngisindise; ngoba ngifunile iziyalezo zakho. Ababi bangilindele ukuba ngizichithe, kepha mina ngiyakuqaphela ubufakazi bakho. Ngibonile ukuphela kwakho konke ukuphelela, kepha umyalo wakho ubanzi kakhulu.